Jump to content

Uqhwaku

Kubuya ku Wikipedia
Ukuqhathaniswa koqhwaku bezinyoni, kubonisa ukuma okuhlukile okuvumelaniswe nezindlela ezahlukahlukene zokudla.

Uqhwaku (noma ingcofo) uyisakhiwo sangaphandle esitholakala kakhulu izinyonini. Uqhwaku lusetshenziselwa ukuqhwakuza, Ukukhaxa, nokubamba (ekuphandeni ukudla, ukudleni, ukuphatha nokuthwala izinto, ukubulala isisulu, noma ukulwa), ukuqoqa, ukuqomisa, nokondla izingane.Amagama athi uqhwaku nelithi ingcofo asetshenziselwa futhi ukubhekisela esithweni esifanayo kwezinye izilwane. Ezinye kuthiwa zinomncumu.

Nakuba oqhwaku behlukahluka kakhulu ngobungaki, umumo, umbala kanye nokwakheka, bonke banohlaka olufanayo oluyisisekelo. Izinkonkoma ezimbili zamathambo - imihlathi engenhla nezansi - zimbozwe ungwengwezi oluncane lwe-epidermis olwaziwa ngokuthi yi-ramphotheca.