Jump to content

Isibaseli

Kubuya ku Wikipedia
Izinkuni zazingenye zezivuthisi zokuqala ezazisetshenziswa ngabantu isib. ukufudumeza noma ukupheka

Isibaseli (fuel) sinoma siphi isithako esilumbana nezinye iziqa ukuze sikhiphe isidlakalasi njengamandla okushisa noma ukuze isetshenziselwe umsebenzi. Ekuqaleni, indikimba yesivuthisi kwakujwayelekile ukuthi sisetshenziselwe ukuchaza izithako ezikwazi ukukhiqiza isidlakalasi sotho. Kusukela lapho leligama lisetshenziswe nakweminye imithombo yamandla wekhoza, njengamandla enuzi (ngokuklewuka kwenuzi kanye nokuxubana kwenuzi).

Ikhoza ikhiqizwa ukwelumbana kwesibaseli esingaguqulwa sibe isidlakalasi senguxa ngesilumbamdiki sekhoza. Ngezinye izikhathi, ukushisa isibaseli ngokwako kungasetshenziswa ufudumeza, ukupheka, noma ezidludlungeni zezimboni, kanye nokukhanyisa. Isibaseli sisetshenziswa futhi ezingqamuzaneni zeziphili enqubweni eyaziwa ngokuthi ukuphefumula kwezingqamuzana, lapho imizwayi yothompilo elumbene nesohwe ukuze ikhiphe amandla asetshenzisekayo (isb. i-adenosine triphosphate). Iziqa zikamcalahle-hwanzi kanye nemizwayi ehlobene nazo ziymithombo evame kakhulu yesibaseli esetshenziswa ngabantu, kanye nezinye iziqa, njengezithako eziyonza imisebe.